IsiZulu - (16 to 20 of 41)
| Iphi indlela? | |||
|
|
S. N. Sidaki |
ISBN | 9780947462772 |
| Abantwana badidekile ekukhuleni kwabo. Badidwa yinngxenye yempilo yabo ehambisana nokukhuliswa kwemizwa yothando engakutholi ukunakekeleka. Abacathuliswa kodwa kubhekeke ukuba bazihambele bengakhubeki ekukhuleni kwabo. Izikole zale ngxenye azisekho. Izikole ezikhona azibanakile. isikole, yikhaya, yisonto nomphakathi bayaphikisana. Abantwana baphikisa abazali. Izikole zithule du! Akekho okhomba indlela. Iphi ngempela indlela? Bayabuza abantwana. | |||
| Grade | 10 - 12 | ||
| Add to order |
|
||
|
|
|||
| Isihlabelelo | |||
|
|
N. S. Ntuli |
ISBN | 9780947462512 |
| UNtuli lapha usipha ehlabahlosile imidlalo enkundlanye ngempilo yomuntu ngamunye. UMbali yimbali yamaSwazi uthola iqiniso eliyimbibizane engayiwa ngokuzalwa kwakhe. Ubezazi jengembali yamaSwazi sonke lesi sikhathi, kodwa makhathaleni... Sizothini ngoba nomdlalo thi "Isihlabelelo" nawo uqoma liyachichima yiziyaluyalu zempilo? ... | |||
| Grade | 9 - 12 | ||
| Add to order |
|
||
|
|
|||
| Isizwe esisha | |||
|
|
L. Molefe |
ISBN | 9781919690506 |
| Singathini–ke ngoba ukungaboni ngasolinye kukhona nasezinkukhwini nezinja namakati? Nokho uma nazo zilwanyana lezo zingakusukumela lokhu njengoba kwenzeka kule ndaba nathi bantu esizifuyile singaklwebhana siye siphinde sibuye nganeno. Make sibone-ke ukuthi alulukhulu yini esingalwethekela emkhankasweni ophunywe yiQhude elithwele le ndaba ... | |||
| Grade | 8 - 9 | ||
| Add to order |
|
||
|
|
|||
| Izimboko | |||
|
|
N. S. Ntuli |
ISBN | 9781919690995 |
| Ubhoko yinduku ehambisana nehawu. Ihlala ilungele ukugwaza obhekene naye uma izinto sezizimbi, eyokuphonsa seyingasekho esimeni sokwenza umsebenzi wayo. Imidlalo enkundlanye esiyibekelwa ezithebeni yilo mbhali iyizimboko ezigwaza isitha zize zikhohlwe zigwaze ekhaya futhi. Kukhona lapho kushona khona ilanga kule midlalo, lapho umamezala ephoqeleka ukuphikisa izinqumo zakhe zakudala ngomakoti womfana wakhe. Waphonsa ngeyokuphonsa ezinganeni lezi kanti ubhoko lwakhe kuzofuneka luphenduke lugwaze yena kamuva. Le midlalo yonke iyizimboko ngokoqobo. Uma ungabhekanga kunobhoko ngelinye ilanga eliyobhobosa wena mathupha. | |||
| Grade | 8 - 10 | ||
| Add to order |
|
||
|
|
|||
| Izimbongi izolo nanamuhla - umqulu 1 | |||
|
|
C. T. Msimang |
ISBN | 9780620093439 |
| OUT OF PRINT | |||
| Add to order |
|
||
|
|
|||

